Iphoyisa lomgwaqo eGoli lidutshulwe lashona lisemsebenzini.
Ngokubika kwe Daily Sun iphoyisa loMnyango Wamaphoyisa kaMasipala waseJohannesburg (JMPD) lidutshulwe lashona ngesikhathi lijaha abasolwa ngokubamba inkunzi eVlakfontein, eningizimu neGoli.
Iphoyisa ladutshulwa labulawa ngemuva kokumisa imoto yomsolwa eVlakfontein ngobusuku bangoLwesithathu, 14 May.
Iphoyisa, elihlonzwe ngelikaMatome Mokoena, 33, osebenzela ku-Region G Operations, lidutshulwe kabuhlungu amahlandla ayisishiyagalolunye.
Okhulumela i-JMPD, uSuperintendent Xolani Fihla, uthe isigameko senzeke ngesikhathi uMokoena nozakwabo behamba bezulazula. Baphendule umbiko wokugetshengwa base belandela imoto yohlobo lweVolkswagen Polo emhlophe.
Uthe amaphoyisa athole imoto azama ukuyimisa. Nakuba umshayeli eqale enqaba, bagcina bephumelele ukumisa imoto.
“Ngesikhathi iphoyisa uMokoena lisondela ngasohlangothini lomshayeli wemoto okusolakala ukuthi yebiwe, ebinabantu abahlanu, lihlangane nezibhamu ngaphakathi,” kusho uFihla.
0 Comments