Utholwe ebulewe e-Utrecht uSthembiso Mpangase waseMgungundlovu obedukile kanti ubesebenzela endaweni yaseShowe.
Lezi zindaba ezishaqisayo ziqinisekiswe umndeni wakhe ekhasini likaFacebook lika-Mandla Chris.
Sawubona Mandla, Salahlekelwa umfana wakithi lo osesthombeni mhlaka 19 January, obesebenzela inkampani ka gesi besebenzela e Showe. Sathola umkhondo wokuthi babizwa umqashi wabo baya e Utrecht okulapho bavalelwa khona bashaywa, beshockwa nangogesi ukubakhiphisa izimpahla ezithile okwakusolakala ukuthi zalahleka.
Bavalelwa endlini thize eplazini elise Utrecht, lo wakithi uSthembiso Vincent Mpangase owagcina ngokuphangalala.
Kwayenabo okungomunye owaqiniseka ukuthi u Sthembiso washona, wakwazi ukuhamba esuka eUtrecht waze wayosizakala esibhedlela eMpangeni. Nalapho ke nguye owasiza ukuthi kube nalomkhonjwana okugcine kukhona oboshwayo.
Naye umzimba wakhe sigcine siwutholile ngosizo lalona oye kokhomba indawo yesigameko...sicela usizo ngoba amaphoyisa sibona kuhamba kancane esekhona ufakazi owazibonela..sibona ukuthi icala lizoze liphelele emoyeni.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1HVTBNzK4M/
0 Comments