URethabile Okuhle Vilakazi (6) waseMkhondo owaduka zingu-28 Januwari 2025 namanje akakatholakali.
Amaphoyisa asePiet Refief acela usizo lomphakathi ukuze athole uRethabile Okuhle Vilakazi (6), waseMkhondo ePiet Retief esifundazweni saseMpumalanga, oduke kusukela zingu-28 kuJanuwari 2025.
Ngokwemibiko, ingane yaduka ngomhlaka-28 Januwari 2025 ngezithuba zabo-14:00, unina usola ukuthi waya kolanda ingane yakhe esitobhini ngemuva kokuphuma kwesikole ngoba ingane yakhe ibisebenzisa i-school transport, ingane ayizange itholakale.
Ulwazi olutholiwe ukuthi ibhasi lifike kuqala ingane yehla nabanye abafundi kuleso sitobhi. Ingane ihambe ngendlela eya ekhaya, kodwa ayizange ifike ekhaya.
Kusukela lapho, akakaze atholakale. Kusathungathwa kule ndawo.
Ngomhla zingu-30 kuMasingana-2025, umndeni wakhe wabika udaba emaphoyiseni, kwavulwa icala lomuntu olahlekile e-Piet Retief SAPS.
Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekutholeni uRethabile ukuthi athinte uWarrant Officer Martin Ntshangase ku-072 638 1858 noma ku-082 922 9748
Kungenjalo, umphakathi ungathinta inombolo ye-Crime Stop 08600 10111 noma uthumele imininingwane ngohlelo lokusebenza lwe-MYSAPS. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa njengoluyimfihlo, futhi abafonayo bangakhetha ukuhlala bengaziwa.


0 Comments