Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Unyamalele uthisha (25) obaqanjelwa amanga ngokunukubeza izingane zesikole

Unyamalele uthisha wesifazane oneminyaka engu-25 ubudala obeqanjelwa amanga ngokuthi unukubeza izingane zesikole 

Udukile uthisha oneminyaka engu-25, uMbalenhle Mgomondo, ngemuva okusolwa ngokunukubeza  izingane esikoleni Ukukhanya Primary. 

Lo thisha wamiswa ngonyaka odlule ngo-Okthoba ngemuva kwezinsolo zokuziphatha ngendlela engafanele kubafundi baka-grade 7, okuhlanganisa ukubathinta ngendlela engafanele nokubaqabula.

Ngokusho kwabafundi abathathu bebanga lesi-7 okuxoxwe nabo, uMgomondo kuthiwa ubebathinta kungafanele cishe nsuku zonke ngesikhathi sesikole, ebathembisa amamaki aphezulu uma bemjabulisa. Nokho uphenyo lomnyango luthole ukuthi lezi zinsolo zingamanga futhi azilona iqiniso.

Kubikwa ukuthi intombazanyana eyalalela ingxoxo ngaleli tulo yabika ehhovisi, yadalula iqiniso.

NgoLwesihlanu uMgomondo unikwe imiphumela eveze ukuthi angabuyela emsebenzini ngokushesha athole umholo ogcwele wezinyanga angazange azithole. Nokho ubonakale eshayela ephuma esikoleni echiphiza izinyembezi kanti akaphindanga wabonakala.

Umndeni wakhe kanye nesikole bafuna usizo lokumthola. UMgomondo ugcine ukubonakala egqoke ingubo emhlophe nezicathulo ze-All Star ezimhlophe, ehamba ngePolo GTI enenombolo yokubhalisa ethi BB 88 YM GP.



Post a Comment

0 Comments