Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Umfana (18) wabulala umfowabo (3) ngoba efuna ukuzwisa abazali bakhe ubuhlungu

Umfana oneminyaka engu-18 ubudala wabulala umfowabo oneminyaka emithathu ubudala-3 ngoba efuna ukuzwisa abazali bakhe ubuhlungu

Uyise womfana owabulala ingane yase-Orange Farm eGoli ngesikhathi ekhuluma neNewsroom Afrika udalule ukuthi indodana yakhe, 18, yabulala umfowabo, 3, yabanjwa ngesikhathi ilahla isidumbu sengane endaweni evulekile. 

Uthi uma embuza ukuthi kungani enze lesi sihluku wamtshela ukuthi usenze ngoba efuna ukumzwisa ubuhlungu. 

Buka: Ubaba echaza ngendodana yakhe ebulele. 


UThato Tsheole, umfowabo womfana oneminyaka engu-18 osolwa ngokubulala umfowabo oneminyaka emithathu ubudala, uhlanganyela noZola weNewsroom Afrika ukuthi babenobudlelwano obuhle kwaze kwaba yilapho izidakamizwa zimshintsha.

 UThato uchaza ukuthi umfowabo waqala ukweqa isikole wenza okuhlukile, kodwa phezu kwenhlekelele, uyamxolela, azi ukuthi izidakamizwa zishintshile ekuziphatheni kwakhe.

Buka ividiyo kathato ngezansi:



Post a Comment

0 Comments