Owesifazane obehamba ngezinyawo ushayiswe yimoto yohlobo lwePolo washona ngesikhathi ezama ukuwela umgwaqo.
Kushone owesifazane obehamba ngezinyawo ngesikhathi ezama ukuwela umgwaqo u-R102 eMt. Edgecombe, KwaZulu-Natal namhlanje ekuseni (ngoLwesine).
Abosizo oluphuthumayo be-Reaction Unit South Africa (RUSA) Phoenix Operations Centre bathole izingcingo eziningi kubashayeli becela usizo lowesifazane obelimele kabi ngemuva kokushayiswa yimoto. Amalungu e-RUSA afike endaweni yesigameko cishe ngo-06:49 ekuseni.
Umshayeli wemoto emhlophe yohlobo lwe-VW Polo utshele abeReaction Unit ukuthi lo wesifazane obehamba ngezinyawo uvele wazama ukuwela umgwaqo ecabanga ukuthi uzodlula, ngeshwa akwenzekanga.Ushone endaweni yesigameko ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala.
Akukatholakali ukuthi ungubani lowesifazane, kodwa amaphoyisa aseqalile imizamo yokuthola umndeni wakhe.
Umshayeli wemoto akalimalanga, imoto nje elimele.
0 Comments