Namuhla, kuhlangana iminyaka emibili ncamashi kwabulawa omculi we-hip-hop waseNingizimu Afrika, uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe, owayeyimenenja nosaziwayo ongumpheki uTebello ‘Tibz’ Motsoane.
Laba ababili badutshulwa babulawa ngaphandle kwendawo yokudlela edumile iWish ekuFlorida Road eThekwini.
Imboni yomculo yahlaselwa yinhlekelele kulandela ukushona kukaKieran AKA Forbes ngomhla zingu-10 kuFebhuwari 2023.
Owine izindondo eziningi kanye nomrepha odumile bekumele akhiphe i-albhamu yakhe yakamuva iMass Country ezinsukwini ezimbalwa kamuva ngaphambi kokuba abulawe.
Selokhu kwabulawa uForbes noTebello Motsoane, abasolwa abayisikhombisa asebeboshiwe.
Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa bazoquliswa icala njengoba icala lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngeledlule.
ULindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande, babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni, namacala amahlanu okuzama ukubulala.
Umbuso uphinde wengeza amanye amacala amabili okushushumbisa imali.
Udaba luzoqhubeka enkantolo mhlaka 8Meyi 2025.
Izelamani zakwaNdimane zisasele ezitokisini eSwatini futhi zisazokhishwa.
0 Comments