Kushone umfundi ka-Grade 12 ngemuva kokushayisana nozakwabo ngesikhathi bedlala umdlalo we-Cricket
I-Krugersdorp High School (KHS), umphakathi wonkana kanye noMnyango wezeMfundo eGauteng (GDE) ushaqekile ngesigameko esibuhlungu sokushona komfundi ka-matric ngemuva komdlalo wekhilikithi ngoMgqibelo, Febhuwari 1.
Esitatimendeni esikhishwe ekhasini le-Facebook lesikole, umfundi, uRetshegofetse Sennelo, ushone ngenxa yengozi enyantisayo.
"USennelo ulimale kanzima ngemuva kokushayisana nozakwabo eChristian Brothers' College Boksburg."
Uthishanhloko u-Ivan Bailey wengeze ngokuthi abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko kwathi uSennelo waphuthunyiswa esibhedlela.
”Ngemuva kokuhlinzwa okuphuthumayo eSunward Park, odokotela abahlinzayo abakwazanga ukunqanda ukopha ngaphakathi kanti ushonele etiyetha ngoMgqibelo ebusuku. Sidlulisa ukudabuka kwethu kusihlalo wesigungu esilawula isikole, umfowabo kaSennelo, amalungu omndeni kanye nabasebenzi be-KHS ababe nami esibhedlela. Imithandazo yethu iya kubadlali beqembu abathandekayo bakaSennelo nabaqeqeshi abazodinga ukwesekwa kwethu ngokungananazi kanye nabangane bakhe esikoleni,” kusho u-Ivan.
I-Gauteng Department of Education yathumela ithimba layo Lokweseka I-Psycho-Social ukuze linikeze izeluleko kubafundi, othisha, kanye nabo bonke labo abathintwe yilesi sigameko esibuhlungu. Ngaphezu kwalokho, umnyango uzozibandakanya zombili izikole ukuze zihlole izimiso zokuphepha ezithinta imidlalo yezikole.
UNgqongqoshe we-Gauteng Department of Education uMatome Chiloane uphinde wafisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe, i-KHS kanye nawo wonke umphakathi wezemidlalo wesikole.
“Ukulahlekelwa umfundi ezimweni ezinjengalezi kubuhlungu kakhulu, futhi sidlulisa ukuzwelana kwethu nomndeni wakhe, abangani kanye nawo wonke umphakathi wesikole. Sicela amandla nenduduzo kubo bonke abathintekile kulesi sikhathi esinzima,” kusho uChiloane.
Umthombo: https://www.citizen.co.za/krugersdorp-news/news-headlines/local-news/2025/02/03/khs-cricketer-dies-following-on-field-freak-accident/?fbclid=IwY2xjawIODxVleHRuA2FlbQIxMQABHa6YnRC8_8ZmA0s2F0pvJRVOpjcUqBM9ddq_y8GGA6cnHDTN_eJN3LdqJA_aem_d82CaXsCRVu8xclZJehp_A
0 Comments