Ingozi eyenzeke kuNormandien Road ngaseDannhauser, KwaZulu-Natal iholele ekushoneni komuntu oyedwa, kwalimala abahlanu okuhlanganisa nezingane ezimbili.
Ingozi yenzeke ngomhla zingu-10 kuFebhuwari 2025, kusolwa imigwaqo emanzi nenkungu enkulu, nakuba imbangela yangempela isaphenywa.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 kanye nabe-KZN EMS banikeze usizo lwezempilo, kwaqinisekiswa ukuthi kushone oyedwa endaweni yesigameko kwathi abahlanu abalimele bathola usizo lwezempilo.
Ngemuva kwengozi, abe-ER24 nabakwaRoad Angels South Africa bakhiphe izexwayiso kubashayeli ukuthi baqaphele esimweni sezulu esingesihle nasemigwaqweni engakalungiswa kahle.
Isigameko esibi senzeke ngoMsombuluko, 10 February 2025, ngesikhathi amaveni amabili eshayisana mahlanze. Nakuba imbangela eqondile yokushayisana ingakaziwa, isikhulu endaweni yesigameko siphakamise ukuthi ubumanzi bomgwaqo kungenzeka budlale indima enkulu. I-Road Angels South Africa iphinde yaphawula ukuthi le ndawo igubuzelwe yinkungu enzima, nayo ebingaba nomthelela omkhulu kule ngozi.
Abantu ababili bebevaleleke emotweni eyodwa.
UZiyaad Warasally we-ER24 Emergency Medical Services uchaze ukusabela okusheshayo kulesi sigameko, wathi, “Ngeshwa oyedwa ushone endaweni yesigameko, kwathi abahlanu balimala.” Wengeze ngokuthi abe-ER24 bathuthe abalimele abane babayisa esibhedlela, kwathi abe-KZN EMS basiza owesihlanu.
Umthombo: https://newcastillian.com/2025/02/10/one-dead-and-several-others-injured-following-head-on-collision/?fbclid=IwY2xjawIXG7pleHRuA2FlbQIxMQABHUgRRl6Lk7npja2UX9VxUVFGDeXWjdWxUcjpYQYEuIKLVuVtqolGe7vwqQ_aem_QI-jLZnf4VB8xiusnbuoMg
0 Comments