Kushone abantu abane kwalimala abaningi ngemuva kwengozi yeveni ebithwele abantu abangu-15 eyenzeke Ogunjini, KwaZulu-Natal ngesikhathi belibangise emngcwabeni.
Kushone abantu abane (4) kwalimala abagibeli abaningi beveni yohlobo lweNissan emhlophe kulandela ingozi eyenzeke Ogunjini, KwaZulu-Natal ezintatha zanamhlanje (ngeSonto).
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-03:53 ekuseni. Lapho ifika, iReaction Unit ithole iveni ebilimele kakhulu ngamamitha ambalwa ngaphansi konqenqema. Kuthiwa le moto ibithwele abantu abalinganiselwa eshumini nanhlanu (15) beya emngcwabeni ngesikhathi ishayisa umgoqo. Iveni ishiye umgwaqo yagingqika. Abantu abane (4) bashonile endaweni yesigameko kwathi abagibeli abasele ukulimala kanzima.
Iningi labalimele liphuthunyiswe esibhedlela ngaphambi kokufika kwabeFirst Responders.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15ukmFfdzC/
0 Comments