Kudutshulwe abasolwa ababili abamataniswa neqembu lezigelekeqe elidume kabi esigamekweni sokudubulana eNanda, enyakatho yeTheku.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi izakhamuzi zalunma indlebe abaseshi ukuthi bakuphi abasolwa.Ekuseni ngoLwesibili, amaphoyisa avalele abasolwa ekhoneni endaweni yaseNhlungwane Area 1.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS esifundazweni, uRobert Netshiunda, uthe abantu abebekulo muzi baqale ukudubula bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwashona abasolwa ababili.
“Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili, kwaboshwa omunye umsolwa ongalwanga namaphoyisa.
" Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaphoyisa athole ulwazi kubahlali baseNanda abagcina umthetho ngabasolwa okukholakala ukuthi yibo abagebenga izindlu kanye nobunye ubugebengu endaweni. Amaphoyisa alusebenzele lolu lwazi kwaze kwavinjwa abasolwa ngokubamba inkunzi eNhlungwane.
"Uphenyo lokuqala selutholile ukuxhumana phakathi kwabasolwa neqembu lezigelekeqe laseNanda West."
0 Comments