Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kubonakale intombazane eyiphara ithwele ifriji ekhanda endaweni yaseLindelani


 Abantu bamangazwe amandla wentombazane eyiphara ebonakale endaweni yaseLindelani eNtuzuma ithwele ifriji ekhanda.

Ngokwemibiko kuthiwa le ntombazane yahamba ibanga elingu-10 KM ithwele isiqandisi ekhanda, ihamba ingaphumuli.

Umphakathi waseLindelani unezigameko eziningi zentsha edla izidakamizwa. 

Ilungu lomphakathi elibone intombazane iphethe ifriji ngekhanda lithe, "Imilutha ingosomathuba. Bathatha noma yini abangayibona egcekeni lakho futhi lokho kuyakhathaza kakhulu ngoba siyalahlekelwa.

Into edala lezi zigameko ezifana nalezi zidakamizwa, iningi liyinkinga emphakathini ngenxa ye-Whoonga abayibhema bese bentshontsha izimpahla ezibalulekile zabantu ukuze babheme, kanti esinye sezizathu zalokhu yizindawo ezidayisa izinsimbi zendawo (scrapyards), bantshontshe izinsimbi emagcekeni abantu, beyokalisa ukuze bathenge izidakamizwa. 






Post a Comment

0 Comments