Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Itekisi ethutha abafundi besikole ishayisane ne-TLB, bavaleleka ngaphakathi etekisini

 


Imoto yokuthutha abafundi kubikwa ukuthi ibandakanyeke engozini eyenzeke eHoedspruit ngaseDriehoek.

Itekisi yohlobo lwe-Toyota Quantum ebithwele izingane zesikole ishayisane mahlanze neTLB ngoMsombuluko ntambama, ngomhlaka-10 kuFebhuwari kuBavaria road.

Imininingwane yesigameko ibingakacaci, kodwa amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bebekhona endaweni yesigameko ukuzosiza abagibeli abavaleleke ngaphakathi. 

Abashayeli bezimoto  ikakhulukazi abathutha izingane zesikole endaweni bayelulekwa ukuthi bahlale beqaphile ukuze kugwenywe izingozi ezifuze lezi.



Umthombo: https://tzaneenvoice.co.za/minibus-taxi-collide-head-on-with-tlb-in-hoedspruit/


Post a Comment

0 Comments