Imoto yakwa-Eskom ebilungisa ugesi iduniwe, yatholwa ikhishwe amaphathi ayo eDlangubo
U-Eskom umise izindawo zokusebenzela eShowe ngaphansi kukamasipala waseMlalazi, KwaZulu-Natal ngemuva kokudunwa kwenye yezimoto zayo ebibuyisela ugesi eDlangubo yaphucwa izimpahla zokusebenza maqede yakhishwa namaphathi ayo.
Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal oholwa ngu-Mfu Thulasizwe Buthelezi uyasigxeka kakhulu isenzo sokuhlaselwa kwabasebenzi bakwa-Eskom eNdlangubo, ngaphansi kukaMasipala uMlalazi ngoMgqibelo, kwathunjwa umshayeli wayo wabe esethathelwa imoto, yakhishwa amasonto, ijini nezinye izingxenye yomzimba wayo, yasala iyigogogo.
0 Comments