Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Icala elibhekene noThabo Bester naboshwe nabo lihlehliselwe uJulayi


Icala elibhekene noThabo Bester naboshwe nabo lihlehliselwe uJulayi.

Lolu daba bekumele luqhubeke ngoMsombuluko; nokho, kunezinto ezimbili ezisadinga ukuphothulwa.

Ngokusho kweNational Prosecuting Authority (NPA), izindaba ezisasele zimayelana nalowo asolwa naye uBester nowayethandana naye, uDkt Nandipha Magudumana esicelweni sakhe eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala lapho elwa nezomthetho mayelana nokubuyela kwakhe eNingizimu Afrika kulandela ukuboshwa kwakhe noBester eTanzania.

Kukholakala ukuthi ngesikhathi eboshwa, uMagudumana watshela izikhulu ukuthi ufuna ukubuyela eNingizimu Afrika ukuze abone izingane zakhe. Kodwa-ke, useke waveza ukuthi ukukhishwa kwakhe ngaphandle kwakungekho emthethweni.

Okwesibili okube nomthelela ekutheni kubambezeleke uBester ecela ilaptop, izingubo zokugqoka nokudla okuthile - okusamele iNPA iphikisane nesicelo sakhe.

I-NPA inethemba lokuthi isicelo sikaDkt Nandipha Magudumana sokubuyiselwa kwakhe angeke siqhubeke noma ngabe uya yiphi inkantolo.

Ngemuva kwezinyanga ezimbili eqe ejele, uThabo Bester waboshelwa ukushayela ngesivinini esiphezulu, wabe esededelwa

Kusenjalo! Inkantolo isichithile isicelo sikaThabo Bester sokuthola i-laptop

UThabo Bester ukhala ngezimo zasejele, uthi ilungelo lakhe lokuqulwa kwecala elinobulungiswa liphuliwe

UBester noMagudumana baboshwa ngo-April 8, 2023, e-Arusha, eTanzania. Laba bobabili kuthiwa babaleke eNingizimu Afrika ngemuva kokweqa kukaBester eMangaung Correctional Centre. 

Abanye abasolwa yilaba; Senohe Matsoara, Teboho Liphoko, Buti Masukela, Tieho Makhotsa, Zanda Moyo, Joel Makhetha.

Abasolwa babhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo, ukusiza isiboshwa ukuba seqe nokwephula umthetho.


Post a Comment

0 Comments