Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Abesilisa ababili baboshwe ehostela lase-Alexandra ngokubulala iphoyisa lomgwaqo

 


Abasolwa, abaneminyaka engu-23 no-31 ubudala, baboshwe ehostela elidume kabi e-Alexandra ngoLwesihlanu.

Umufi, obesemsebenzini, udutshulwe wabulawa ngoLwesithathu esigcemeni saseSangweni, eTembisa.

Okhulumela i-EMPD, uThabiso Makgato, uthe kutholwe imoto ekade isetshenziswa abasolwa.

“Abasolwa kusolwa ukuthi bavulele ngenhlamvu kwashona iphoyisa base bebaleka endaweni yesigameko nge-Avanza emhlophe. 

“Ngamahora angaphansi kuka-72, ithimba lasebenza ngokuzikhandla lalandela abenzi bobubi ehostela lase-Alexandra kanye naseRoosevelt Avenue. 

"Imoto okusolwa ukuthi isetshenziswe njengemoto yokubaleka endaweni yesigameko itholakele kanti omunye wabasolwa usagcwele amathafa," kusho uMakgato.

Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo ngoMsombuluko ngamacala okubulala nokugebenga.



Post a Comment

0 Comments