Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Abesifazane abahlala ndawonye baduke ngemuva kokuvakashela udadewabo eMorningside ngoDisemba

 

Abesifazane abahlala ndawonye baduke mhlaka-16 Dec 2024,ngemuva kokuvakashela udadewabo eMorningside 

Kudingeka usizo lomphakathi ukuze kutholakale uLindlewa Nombali Nkosi (isithombe 1) oneminyaka engu-38 noHlanzeka Makhaye oneminyaka engu-26 ubudala ( osesithombeni 2). 


Laba besifazane bangabazala kanti babehlala ndawonye eWaterloo, KwaZulu-Natal. 

Bavakashele udadewabo kaNkosi endaweni ahlala kuyo eMorningside, KwaZulu-Natal ngoMsombuluko mhlaka 16 December 2024. 

Babize imoto ngesicelo se-E-Hailing kanti kwakulindeleke ukuthi babuyele ekhaya.

Bobabili (2) abatholakalanga kusukela lapho. Womabili amaselula abo avaliwe futhi awasebenzi, nasezinkundleni zokuxhumana. abatholakali. 

Laba besifazane abalahlekile bobabili bangama-Call Center Agents. 

Sicela wabelane ngaleli posi futhi uma kukhona onolwazi ngabesifazane abalahlekile, uyacelwa ukuba athinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ku-086 1234 333.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1AAgs2ZNKV/

Post a Comment

0 Comments