Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Wadlwengulwa, wabulawa ekhaya kubo ngosuku ayengayanga ngalo esikoleni


UWandile Aphiwe Ngcobo (17),wadlwengulwa, wabulawa ekhaya kubo ngosuku ayengayanga ngalo esikoleni

Bangena endlini becabanga ukuthi wonke umuntu uyile emsebenzini nasesikoleni, kanti lutho uWandile akayanga esikoleni, Bambopha izandla ngemuva badlwengula. 

UWandile Aphiwe Ngcobo wayeneminyaka engu-17 kuphela, Efunda u-Grade 11 eThekwini.

Lokhu kwenzeka mhlaka 28 May 2024, ubaba wakhe wathola ucingo oluvela kumakhelwane owabona omunye wabasolwa ehamba nomabonakude. Ubaba uyalele umakhelwane ukuthi akangene endlini ayobheka ngoba indodakazi yakhe ingaphakathi. Wafica isidumbu sikaWandile sidindilizile edamini legazi eboshwe izandla emhlane.

Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni komsolwa obephethe iselula engasekho eMalukazi, okuholele ekuboshweni kwabasolwa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-26 no-39.

 Uphiko lwamacala ngokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abasolwa bayaboshwa. Icala lisusee enkantolo yemantshi yaseMlazi layiswa eDurban High Court.

Siyethemba ukuthi umndeni uzothola ubulungiswa njengoba lokhu kube nomthelela omubi kuwo. 

Ingane yakwabo manje isihlala nomamncane wayo njengoba ingafuni ukuhlala ekhaya okwashonela kulo udadewabo, uyise wayeka ukuya emsebenzini ngenxa yestress nokucindezeleka, 

Lezi izimo ezimbi okufanele zigunyaze inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esinzima. Izinkantolo kufanele zibeke isibonelo. 

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kusasa.






Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1dxx3g2Y2H/

Post a Comment

0 Comments