Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Usesibhedlela umfundi wase-Alex owagwazwa eya esikoleni


Usesibhedlela umfundi wase-Alex owagwazwa ngomunye umfundi eya esikoleni  

Umfundi ogwazwe ngosuku lokuqala ebuyela esikoleni e-Alex uthola usizo lwezempilo esibhedlela i-Charlotte Maxeke.

Ngesikhathi abafundi bebuyela esikoleni eNingizimu Afrika yonkana ngoJanuwari 15, omunye umfundi wase-Alex wahlangabezana nesigameko sodlame esendleleni eya esikoleni.

Lo mfundi waseMinerva Secondary owenza uGrade 10 ugwazwe ngomunye owayengumfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uSteve Mabona, ukuqinisekisile ngoJanuwari 17 ukuthi isigameko senzeke futhi isisulu siphuthunyiswe esibhedlela iCharlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital.


UMabona ukhale ngokuthi izikole zibuye zibe nezinkinga emphakathini kanti lokhu kubonakala ngokungaziphathi kahle kwabafundi, udlame phakathi kwabafundi/uthisha, ubuxhwanguxhwangu, ubugebenga, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ucansi lwezingane ezincane nokukhulelwa kwentsha.

“Izikole zethu ziyingxenye yomphakathi futhi okwenzeka emphakathini wethu kuyazwakala ezikoleni zethu,” kusho uMabona. “Sinxusa abafundi ukuthi bazigweme izenzo zokungaziphathi kahle, sinxusa abazali ukuthi balekelele umnyango ekufundiseni ukuziphatha kahle kwabafundi ngaphakathi nangaphandle kwesikole.”


UMabona wengeze ngokuthi ithimba lomnyango lokweseka ngokwengqondo nenhlalakahle yathunyelwa esikoleni ukuze linikeze usizo oludingekayo kubafundi nakubasebenzi. Uthe uMnyango ususungule ubudlelwano okuhloswe ngabo ukugxilisa ukuziphatha kahle kwesikole nokudala imikhankaso yokuqwashisa nokudluliselwa kwabantu emuva kwezigameko ezifuze lezi.

“Le ndlela iyasebenza, Sisebenzisane neminyango yezokuthuthukiswa komphakathi, ezokuphepha komphakathi kanye nezinhlangano ezizimele ukubhekana neningi lalezi zinkinga zomphakathi ezibonakala ezikoleni zethu.”

Kuthintwa i-SAPS ukuze bathole ulwazi mayelana nalesi sigameko sokugwazwa kwamaphoyisa kanti kuvele ukuthi amaphoyisa abengakabikelwa isikole noma ngamalungu omphakathi ngalesi sigameko. Umxhumanisi wezokuxhumana emaphoyiseni esifundeni saseGoli uLieutenant Colonel Mpho Tshetlhane ukuqinisekisile ukuthi icala belingakavulwa esiteshini samaphoyisa e-Alexandra.

“Amaphoyisa akhuthaza amalungu omphakathi ukuthi ahlale ebika izenzo zobugebengu endaweni yawo esiteshini samaphoyisa esiseduze,” kusho uTshetlhane. “Okunye, umphakathi ungabika ngokulunywa indlebe ku-MySAPS App engatholakala kunoma iyiphi i-smartphone, noma ngelayini ye-SAPS Crime Stop ku-08600 10111.


Post a Comment

0 Comments