Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kuboshwe owesilisa, 47, osolwa ngokubulala nokubamba inkunzi imoto yemali

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala ,osolwa ngokubulala nokubamba inkunzi imoto yemali 

Umsolwa oneminyaka engu-47 ubudala osolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali namacala amabili okubulala uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou.

Inkantolo ibuyisele umsolwa esitokisini kuze kube uFebhuwari 11, 2025, ukuze kuvunyelwe ukugcwaliswa kwemininingwane kanye nokufakwa kwesicelo sebheyili esisemthethweni.

Leli cala lisukela esigamekweni sango-2020 lapho kwabanjwa khona inkunzi unogada wakwaG4S Cash Solutions eThohoyandou. Ngemuva kophenyo olunzulu loKlebe, umsolwa waboshwa ngoJanuwari 25, 2025, emzini wakhe esigodini saseGogobole, eVenda.

Icala lizoqhubeka ngoFebhuwari 11, 2025, lapho abasolwa bezofaka khona isicelo sebheyili.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1FBn8FXLYN/

Post a Comment

0 Comments