Isisebenzi sakwa-KFC esikhulelwe udutshulwe walimala e-drive-thru eGqeberha
Isisebenzi sakwa-KFC esinezinyanga ezine sikhulelwe sisale silimale kanzima ngemuva kokudutshulwa kwi-Drive Thru yakwa-KFC eGqeberha, e-Eastern Cape.
Isigameko sokudubula kubikwa ukuthi senzeke ngoMsombuluko, 13 January, kusihlwa kuKoyana Street eZwide. Njengamanje amaphoyisa ase-Eastern Cape athungatha umsolwa.
Ngokusho kwamaphoyisa kusolakala ukuthi owesilisa ongaziwa udubule isisebenzi sakwa-KFC esizithwele ngefasitela eZwide, eGqeberha. Isisebenzi sesitolo sokudla selokhu silaliswe esibhedlela futhi siyathola ukwelashwa.
UCaptain Andre Beetge, okhulumela amaphoyisa, uthe: “Kusolakala ukuthi umsolwa wesilisa ongaziwa udubule isisebenzi sakwa-KFC ngefasitela. Unezinyanga ezine ekhulelwe waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo.”
Kuthungathwa umsolwa othinteka ekudutshulweni kwesisebenzi sakwa-KFC esizithwele. Kuthiwa ubeshayela iveni yohlobo lweNissan double cab emhlophe ngesikhathi sesigameko.
UBeetge uqhube wathi: “Umsolwa ubeshayela iveni iNissan double cab emhlophe kanti amaphoyisa athungatha umsolwa. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala eliphenywa ngamaphoyisa Kwazakhele.”
Amaphoyisa acele usizo lokuthola umsolwa, kubika i-Algoa FM ngomhlaka-14 Januwari 2025. Abantu abanolwazi ngaleli cala bangaya esiteshini samaphoyisa esiseduze. Bangashayela neCrimeStop ku-08600 10111.
0 Comments