Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Intombazane (18) idutshulwe yabulawa ngesikhathi iyothenga i-data esitolo

Intombazane eneminyaka engu-18 ubudala idutshulwe yabulawa ngesikhathi iyothenga i-data esitolo. 

UBronwin Willing (18) wayehleli ekhaya nonina bebuka umabonakude ntambama, wabe esecela u-R10 kunina wathi ufuna ukuyothenga ama-data unina wamnika.

Uthe eqeda ukuthenga i-data esitolo kwaqhamuka imoto kwaphuma owesilisa obephethe isibhamu wamdubula kabili ngemuva, wakwazi ukubaleka.

Ngesikhathi bebona ukuthi intombazane  isizongena ekhaya, bayigijimisa ngemoto baqeda bayidubula amahlandla amathathu isesangweni lasekhaya, enye inhlamvu yashaya ekhanda yashona. 

Abasolwa babe sebebaleka ngemoto endaweni yesigameko. 






Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1HdnLtfJzU/



Post a Comment

0 Comments