Intombazane (18) ibulawelwe esontweni,yathelwa ngamanzi abilayo yaze yashona.
Intombazane eneminyaka engu-18 ubudala ibulawelwe esontweni,yathelwa ngamanzi abilayo yaze yashona
Umndeni kaPalesa Engela (18) oqede u-matric ngonyaka odlule ka-2024 ubulawe ngesihluku endlini yesonto kanti umndeni wakhe ufuna izimpendulo.
UPalesa waphuma ekhaya eya esontweni kwathiwa ulimele kanzima ngemuva kokuthelwa ngamanzi abilayo. Akwaziwa ukuthi ngubani owenze lokhu.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo, kubukeka sengathi kukhona omphushele emanzini abilayo washa kabi waphuthunyiswa esibhedlela. Ubese-ICU njengoba egcine ngokushona.
Umndeni wakhe ukhathazekile ngalesi simo ngoba awuzitholi izimpendulo, okubuhlungu wukuthi akakayiboni imiphumela yakhe kamatikuletsheni selokhu ashona ingakaphumi imiphumela.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti akekho osaboshiwe kulesi sigameko.
Lesi sigameko senzeke e Kimberly.
0 Comments