Indodana idutshulwe yabulawa nguyise ngesikhathi ivikela unina wayo obeshaywa nguyise
Indodana idutshulwe yabulawa ngesikhathi izama ukuvimba impi phakathi kwabazali bayo eBrenda village(marry me) e-Acornhoek.Kusolakala ukuthi uConride Mashabane udutshulwe kabili nguyise emuva kokuthi ezame ukumvimba ngesikhathi eshaya unina. Ngaleso sikhathi.Uyise kuthiwa wadonsa isibhamu wamdubula kabili ngaphambi kokudubula unina.Lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama ngezithuba zabo-16h00 ekhaya kubo.
Laba bobabili baphuthunyiswe esibhedlela iTintswalo e-Acornhoek kanti indodana yashona ngenxa yokulimala ngesikhathi unina kusolwa ukuthi ubelwela impilo yakhe. Ubaba wabaleka ngemuva kwalesi sigameko watholwa elenga esihlahleni ehlathini namhlanje ekuseni ngomhlaka-13 kuJanuwari. .Kukholakala ukuthi uzilengise ngentambo esihlahleni.Usosizini umndeni wakwaMashabane ngemuva kokushonelwa abantu ababili emndenini wabo.Akwaziwa ukuthi yini engabe idale ingxabano phakathi kwabazali. amaphoyisa aphenya ngodaba kanti isibhamu okukholakala ukuthi sisetshenziswe yilo baba sitholwe emzini wakhe.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1Fc75yV5iF/
0 Comments