Kucekeleke phansi umuzi ngemuva kokuba iloli elimhlophe iFuso lishayise kuwo emgwaqeni owubhuqu eHazelmere namuhla.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ngabo-16:04 ntambama athola ithangi lamanzi lincike endlini.
Ekuqaleni amaReaction Officer abikelwe ukuthi umshayeli ubalekile endaweni yesigameko, kodwa amaphoyisa amthola ngemuva kwesikhashana ephakathi kwezihlwele ezazibukele.
Kutholakale ukuthi ubewela endaweni enodaka emgwaqeni ongagandayiwe ngesikhathi iloli liphuma endleleni lashayisa indlu.
Akubikwanga muntu olimele.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15xm93bpM3/
0 Comments