Abafundi ababili basesikoleni i-Alexandra High School baphuthunyiswe esikhungweni sezempilo endaweni ukuze bathole usizo oluphuthumayo ngemuva kokugwazwa ngesihluku ngumfundi oyedwa emagcekeni esikole ekuseni.
Lesi sigameko sishiye othisha nabafundi behlukumezekile ngesikhathi abazali abaphuthume esikoleni ngemuva kokuthola lezi zindaba ezibuhlungu, bevinjwa bezama ukungena ngenkani egcekeni lesikole.
Amaphoyisa kanye nezikhulu zesiFunda wezeMfundo zikulesi sikole kulandela lesi simo esibucayi.
Umzali onengane engomunye wabagwaziwe, uqinisekiswe ukuthi ingane yakhe yomfana izophila.
Ngokwemibiko, le mpi iqale kusukela ngonyaka odlule phakathi kwamaqembu amabili aphikisanayo, iNkabi One neNkabi Two, lapho iNkabi One ifuna isinqumo sesikole.
Source: https://www.facebook.com/share/p/14mersMvNC/
0 Comments