Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Uphuze i-coke ayithenge esitolo sika-my friend, kwashintsha ulimi lwakhe lwamnyama


Uphuze i-coke ayithenge esitolo sika-my friend kwashintsha ulimi lwakhe lwamnyama 

Umfana uphuze i-coke ayithenge esitolo sika-my friend kwabe sekushintsha ulimi lwakhe lwaba mnyama, wopha. 

Esigamekweni esishaqisayo owesifazane waseNewcastle ogama lakhe nguQueen Smk ka Jama ungene ekhasini lakhe likaFacebook namhlanje edalula ukuthi umshana wakhe uphuze ukhokho awuthenge esitolo sabokufika wabe eseshintsha ulimi. 

"My nephew uphuze coke ngo 12 ayithenge ko my friend n Seka nje uya bleeder ulimi😭😭 kuhlaza umphimbo", kusho uQueen.

Emuva kokuthi lo wesifazane eveze lezi zindaba abaningi bashaqekile, bephawula bezwakalisa ukushaqeka njengoba kulezi zinsuku ziningi izigameko lapho abokufika bebandakanyeka ezigamekweni zokudayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi, okuholele ekutheni kudlule impilo yezingane eziningi, ezinye zilaliswe esibhedlela.

UQueen ube eseveza ukuthi basendleleni ebheke esibhedlela. 

Imininingwane eyengeziwe ngalolu daba izokwabiwa uma udaba oluphelele selutholakala.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/qHujjmo5M5vKmKF1/?mibextid=Nif5oz

Post a Comment

0 Comments