Kutholwe isidumbu sowesifazane owagcina ukubonakala etekisini eya emsebenzini
U-Neo Vanessa Ferreira,oneminyaka engu-23 ubudala, isidumbu sakhe satholwa mhla zingu-11 kuZibandlela-2024. Wagcina ukubonakala mhla zingu-4 kuZibandlela-2024, ehamba ngetekisi esuka eTonga eya eSoshanguve ePitoli, lapho ayesebenza khona.
Akukaboshwa muntu okwamanje.
Umthombo: Women for Change
0 Comments