Kubulawe uthisha ngemuva kokunqaba nephini yasebhange ngesikhathi befuna ukuthatha imali yakhe
UPhilani Cele udalule lezi zindaba ekhasini likaMandla Chris kuFacebook.
Ngiyacela ungifakele nawu umlayezo ophuthumayo ngalensizwa esezithombeni kubantu base South Africa, igama layo uMsizi Mbokazi obenguthisha wezifundo ze-Physical Science eVelabahleke Secondary School. Udutshulwe ngolwesithathu ngezithuba zabo 1 ekuseni endaweni yase Mlazi esigcemeni sakwa G esigamekweni esiyamaniswa nesokubanjwa kwenkuzi kuhlonyiwe, kuthiwa kufike amadoda abangadalulanga inani lawo bafuna imali namaselula wayikhipha u driver bathi akafake iPin kanti wenze iphutha wamnikeza eyalomunye abahamba naye yangangena kwasa kuyadutshulwa kanjalo, uzakwabo usase sibhedlela uthola ukwelashwa, sithi asazise izihlobo nabangani esingakwazi ukufinyelela kuzo kwazise lensizwa Ike yafundisa nase zikoleni zase Soweto lapho average pass rate yakhe bekungu 80% kwamatikuletsheni. Ngingathokoza kakhulu mungangedlulisela lomlayezo.
Kwabafisa ukuxhumana nami bangangithola kuyo le Number noma ku Facebook ngiwuye u Philani Cele
+27 81 754 3950.
Umthombo: Mandla Chris
0 Comments