I-African National Congress Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal ifuna kwenzeke ubulungiswa ngemuva kokudutshulwa kogogo oneminyaka engu-64 ubudala esigodini saseNkande, eNkosi Bhambatha, KwaZulu-Natal ngoLwesibili ekuseni.
Lolu phiko lunxusa uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi balusukumele udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane KwaZulu-Natal.
U-Egnar Tswane Sondezi kuthiwa uzingelwe ngabasolwa, okuthe uma bemthola emzini wendodana yakhe bamdubula amahlandla angu-28.
Okhulumela i-ANCWL, uPhindile Sishi, uthe uSondezi utshele umndeni wakhe ukuthi wesabela ukuphepha kwakhe. Akafunanga ukuyohlala emzini wakhe kwathi ngoMsombuluko, wanquma ukuyolala emzini wendodana yakhe.
"Ezigamekweni ezinyantisayo, abahlaseli bagasele lapho ebekhona, bakhomba amalungu omndeni ngezibhamu befuna ukwazi ukuthi ukuphi uSondezi. Kuthe uma bemthola bavulela ngenhlamvu bemdubula kabuhlungu amahlandla angu-28 ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko," kusho uSishi.
Umthombo: http://independentonsaturday.co.za/news/south-africa/kwazulu-natal/ancwl-in-kzn-calls-for-urgent-investigation-after-64-year-old-woman-shot-28-times-5a843c3e-e1fc-4a16-8925-03d72f188623
0 Comments