Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Owesilisa ogqekeze enkantolo yeMantshi yaseWestonaria ezintatha zangoMsombuluko uwe ngophahla washona

Owesilisa ogqekeze enkantolo yeMantshi yaseWestonaria ezintatha zangoMsombuluko uwile washona ngesikhathi onogada bemvalela ekhoneni ophahleni abecashe kulo.

Ngokusho komphathi wesiteshi samaphoyisa eWestonaria, uCol Kgomotso Netshitangani, umlisa ongaziwa utholwe ngonogada ophahleni ngezithuba zabo-03:00. 

UNtshitangani uthe ngesikhathi umsolwa ebona ukuthi onogada bambonile, wazama ukubaleka kodwa wawa.

Onogada babe sebemyisa esiteshini samaphoyisa eWestonaria, kusho uNetshitangani.

"Ngesikhathi efika esiteshini sabona ukuthi ubuthakathaka futhi asikwazanga ukumvalela. Sabe sesibiza i-ambulensi, ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathi ushonile. 

"Umbiko kadokotela uveze ukuthi ushonile ngenxa yokulimala kwangaphakathi," kusho uNetshitangani.

Umthombo: Sowetan LIVE

Post a Comment

0 Comments