Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kudlule emhlabeni uSenamile Masango waKwaNongoma, owahlaselwa ukugula esebhanoyini


USenamile Masango ubeyi-Nuclear Scientist ehlonishwayo futhi engumholi weWorld Energy Leader waKwaNongoma. 



USenamile Masango waKwaNongoma owahlaselwa wukugula esendizeni eya emcimbini wokubungaza abafundi abaphumele ku-matric akasekho emhlabeni. 

Kudlule emhlabeni intokazi ebeyaziwa ngokuzifela ngezemfundo uNkz Senamile Masango, ongowaKwaNongoma.

Ngokuthola kwephephandaba iLANGA uNkz Masango uhlaselwe ukugula ngomhlaka 14 ku-January esendizeni elibambise emcimbini wokubungaza abafundi bamatikuletsheni abenze kahle eNingizimu Afrika.

Kuvela ukuthi uNkz Masangao uquleke khona endizeni, waphuma kuyo waphuthunyiswa esibhedlela njengoba eze wahlaselwa ukufa.

Yize noma kungakatholakali ukuthi ubexinwe yini kodwa kuyavela ukuthi nangonyaka odlule uke waxinwa ukugula kwaze kwangathi nengqondo inokuphambana kancane kodwa wabuye walulama.

UNkz Masango ubekholelwa kakhulu kwezemfundo kanti ube ngowesifazane wokuqala wase-Africa ukuba yingxenye yethimba elayokwenza ucwaningo kwi-CERN, okuyisikhungo okwenziwa kuzoba ucwaningo olusezingeni eliphezulu kweze-Science.



Umthombo: https://ilanganews.co.za/isililo-kudlula-emhlabeni-usosayensi-wakwanongoma/?fbclid=IwY2xjawIVizJleHRuA2FlbQIxMQABHd07AhoyLQaSDRoMp31qyP9Rt9JgNjc6YofblxgN0p0xophRrzIXKwTTsw_aem_3-v2zhxJqRrIH-eAiB7k_w

Post a Comment

0 Comments