Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kuboshwe owesilisa ovume icala lokubulala iphoyisa lomgwaqo KwaThema

 


Kuboshwe owesilisa ngemuva kokuvuma icala lokubulala iphoyisa lomgwaqo KwaThema 

Kuboshwe owesilisa ngemuva kokukhonjwa yividiyo edubula uBanele Skosana  obeyiphoyisa le-EMPD elalingekho emsebenzini.

UBanele Skosana (32) wadutshulwa wabulawa kabuhlungu kuVilakazi Street Kwa-Thema ngezintatha zangosuku lomhlaka 7Febhuwari 2025.

"Udutshulwe kabili emhlane washona," kusho uZweli Dlamini, okhulumela umasipala.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko kwatholakala ukuthi umufi ushonile endaweni yesigameko.

Akuthathwanga lutho kuSkosana kanti nomakhalekhukhwini wakhe watholakala kuye.

Icala lokubulala libhaliswe Kwa-Thema SAPS.

“Kutholwe amavidiyo ekhamera e-tuck shop aveza isigameko.

NgoMsombuluko, ngezithuba zabo-11:00, amalungu e-EMPD nabe-Gauteng Highway Patrol bathole ulwazi kwababenolwazi.

“Ulwazi lubaholele ekhelini ehostela laKwa-Thema lapho kuboshwe khona umsolwa oyedwa.

“Umsolwa kuxoxiswane naye waqinisekisa ukuthi nguyena ngempela owadubula iphoyisa likamasipala wavele wakhomba isikhali sokubulala njengoba sasisekamelweni lakhe ngaphansi komcamelo.

Umsolwa ube eseboshwa wagcinwa Kwa-Thema SAPS kanti uzobekwa icala lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.

Umthombo: https://www.citizen.co.za/african-reporter/news-headlines/2025/02/13/man-confesses-to-the-murder-of-empd-officer/?fbclid=IwY2xjawIaxHVleHRuA2FlbQIxMQABHfbN6HVFMmADPWGNA5Mg0OwIVinvIbDQ-bxx9PGoBD7gqgZcz7TLgbDpFQ_aem_d6KBsYVShrEGz01CKBC9gw

Post a Comment

0 Comments