Indawo yokuhlala yabafundi basekolishi nesitolo zicekeleke phansi ngemuva kokuqubuka komlilo
Enye yezindawo ehlala abafundi eMapulaneng Technical College e-Acornhoek icekelwe phansi umlilo ekuseni ngoLwesibili, ngomhlaka-11 kuNhlolanja 2025.
Umthombo udalule ukuthi indawo yokuhlala enamakamelo amaningi ehlala abafundi baseMapulaneng, ishe ngezithuba zabo-06:00 ekuseni.
“Akekho owaziyo ukuthi umlilo uqale kanjani kodwa kucekeleke phansi indawo ehlala abafundi ekuseni. Inqwaba yabafundi nabanye abebehlala khona basale dengwane,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
"Wonke umfundi ubaliwe ukuthi ungubani kanti akubikwanga muntu olimele,” kusho umthombo.
“Asazi ukuthi yini edale umlilo esitolo. Abanye bakwazile ukuzitapela izinto ezimbalwa njengama- bed matras nezinye izimpahla ngaphambi kokuthi zicekeleke phansi,” kusho umthombo nawo ocele ukungadalulwa.
Uthe akekho olimele ngesikhathi kuqubuka umlilo.
Amaphoyisa athe ayasazi lesi sigameko kodwa awekho amacala avuliwe esiteshini samaphoyisa e-Acornhoek.
"Awekho amacala abhalisiwe mayelana nalesi sigameko kuze kube manje," kusho okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Jabu Ndubane.
Imizamo yokuthola umnikazi wendawo ehlala abafundi kanye nabafundi ngokwabo ayiphumelelanga, kusho uNdubane.
0 Comments