Ubaba oneminyaka engu-60 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-15 ngokubulala indodakazi yakhe eneminyaka engu-24 ubudala ngemuva kokuyishaya ngempama yawela kumabonakude ngokufika ekhaya-late sekudlule isikhathi
Umufi wabuyela ekhaya ebusuku besigameko, nokwadala ingxabano phakathi kwakhe noyise, ngokusho kwamaphoyisa.
UFanie Petros Mtshali (60) ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka engu-24 ubudala ngemuva kwengxabano eyaholela ekufeni kwayo.
Lesi sigameko senzeke ePhola, ngaseMalahleni (Witbank), ngoSepthemba 10 2022 kanti isigwebo sakhishwa yinkantolo yesifunda saseMalahleni ngoJanuwari 21.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Jabu Ndubane, umufi wabuyela ekhaya ngobusuku besigameko, nokwadala ingxabano phakathi kwakhe noyise.
“Inkantolo izwe ukuthi ngoSepthemba 10 2022, ngabo-11 ebusuku isisulu safika ekhaya sahlangatshezwa nguyise. Ubaba wakhuza indodakazi yakhe. Kwaqubuka ingxabano eshubile ngesikhathi ubaba eshaya isisulu ngempama, sawela kumabonakude. Ushonele endaweni yesigameko,” kusho uNdubane.
Abezimo eziphuthumayo kanye namaphoyisa babizelwe endaweni yesigameko, lapho kuthiwa isisulu sesishonile.
Iziphathimandla zabopha uMtshali ngakusasa wathweswa icala lokubulala.
Unqatshelwe ibheyili wahlala esitokisini ngesikhathi kuqhubeka icala.
Lesi sigwebo samukelwe yibamba likaKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga uMaj-Gen Zeph Mkhwanazi, ogcizelele isidingo sokuthi imindeni ixazulule izingxabano ngokuthula.
“Imindeni kumele ifune usizo kochwepheshe uma ibhekene nezinxushunxushu kunokuthi iphenduke udlame. Lesi sigameko esibuhlungu siveza imiphumela emibi yodlame lwasekhaya,” kusho uMkhwanazi.
0 Comments