UGogo Maweni ubuyela eNkantolo ukuze ayofaka isicelo sebheyili.
Umelaphi wendabuko odumile uMakhotso Mofokeng, odume ngelikaGogo Maweni, uzovela enkantolo ngoNamuhla lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
UMaweni ubeseNkantolo yeMantshi yaseProtea ngeledlule ebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokubulala.
Umelaphi wendabuko owaziwayo usagcinwe esitokisini samaphoyisa kusukela icala lihlehlisiwe ukuze afake isicelo sebheyili ngoMsombuluko.
Uvele okokuqala enkantolo mhla zingu-20 kuMasingana, lapho azama khona ukuvimba abezindaba, esebenzisa ummeli wakhe uMarcia Makuse, ukuthi bathathe ama-video nezithombe ukuze bavikele izingane zakhe kanye namawele okuthiwa uwalindele njengoba ethi ukhulelwe.
Umleaphi waboshwa uphiko lwamaphoyisa aseGauteng, kanye namalungu ehhovisi lezobuNhloli esifundazweni.
Ukuvela kwakhe enkantolo kulindeleke ukuthi amakhulu amathwasa esangoma akhombise ukumeseka uMaweni njengoba enethemba lokuthi kuzophuma umphumela omuhle esicelweni sakhe sebheyili.
0 Comments