Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Unkosikazi wephoyisa lomgwaqo uvele enkantolo ngokuqasha inkabi ukuthi ibulale umyeni wakhe

Unkosikazi wephoyisa lomgwaqo likaMasipala waseKurhuleni, uSibongile Prudence Dhlamini, 43, waseTsakane, kanye nalowo asolwa naye u-Nhliziyozabantu Mangwenyana (34) waKwa Thema, bavele eNkantolo yeMantshi yaseSprings.  Bobabili babhekene necala lokubulala iphoyisa le-EMPD, uBanele Christopher Sikhosana.

Ngaphambi kokubulawa kukaSikhosana kusolwa ukuthi uDhlamini waqasha uMangwenyana ukuthi abulale umyeni wakhe.  Kusolwa ukuthi ngomhlaka-7 Febhuwari 2025, ngezithuba zabo-07:30 ekuseni, uSikhosana wayeye e-tuckshop yakhe KwaThema ngesikhathi edutshulwa wabulawa nguMangwenyana. 

Ngemuva kophenyo lwamaphoyisa, uMangwenyana waboshwa mhlaka-10 February 2025. 

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, zingu-14 February 2025, unkosikazi, uDhlamini, waboshwa emzini wakhe esalungiselela ukungcwatshwa komyeni wakhe. 

Enkantolo, icala lihlehliselwe umhla zingu-21 kuNhlolanja-2025, ukuze bathole ulwazi lwebheyili, kanti abasolwa ababili bagcinwe esitokisini.

Post a Comment

0 Comments