Unkosikazi wephoyisa lomgwaqo likaMasipala waseKurhuleni, uSibongile Prudence Dhlamini, 43, waseTsakane, kanye nalowo asolwa naye u-Nhliziyozabantu Mangwenyana (34) waKwa Thema, bavele eNkantolo yeMantshi yaseSprings. Bobabili babhekene necala lokubulala iphoyisa le-EMPD, uBanele Christopher Sikhosana.
Ngaphambi kokubulawa kukaSikhosana kusolwa ukuthi uDhlamini waqasha uMangwenyana ukuthi abulale umyeni wakhe. Kusolwa ukuthi ngomhlaka-7 Febhuwari 2025, ngezithuba zabo-07:30 ekuseni, uSikhosana wayeye e-tuckshop yakhe KwaThema ngesikhathi edutshulwa wabulawa nguMangwenyana.
Ngemuva kophenyo lwamaphoyisa, uMangwenyana waboshwa mhlaka-10 February 2025.
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, zingu-14 February 2025, unkosikazi, uDhlamini, waboshwa emzini wakhe esalungiselela ukungcwatshwa komyeni wakhe.
Enkantolo, icala lihlehliselwe umhla zingu-21 kuNhlolanja-2025, ukuze bathole ulwazi lwebheyili, kanti abasolwa ababili bagcinwe esitokisini.
0 Comments