Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa komshayeli we-e-hailing obulawe esemotweni yakhe ngasekuqaleni kwesonto.
Umshayeli we-e-hailing, 39, ubulawe eHambanathi, oThongathi, ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asoThongathi uCaptain Jasanathan Naidoo umufi udutshulwe amahlandla amathathu emzimbeni ongenhla.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala,” kusho uNaidoo.
IReaction Unit South Africa (RUSA) ibike ukuthi isidumbu sikamufi sitholakale sidindilizile esihlalweni somshayeli weVW Polo emhlophe.
Okhulumela iRUSA uPrem Balram uthe kusolakala ukuthi umsolwa uhlaselwe eyongena endaweni yakhe.
Kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.
Umthombo: Reaction Unit South Africa
0 Comments