Iziphathimandla zaseKapa zibheka isigameko sokubulala esenzeke njengoba abafundi nabasebenzi bebefika ngalolu suku. Abazibonele babike ukuthi uthishanhloko kanye nozakwabo bebehamba ngemoto beya emagcekeni esikole ngesikhathi amadoda amathathu esondela emotweni yabo avulela ngenhlamvu. Uthishanhloko, 54, ushonele endaweni yesigameko, uthisha wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela elimele.
“Kube nesiphithiphithi ngesikhathi izingane nabazali bebanga ukuphepha nezinhlamvu zindiza ngasesangweni lesikole. Kwakuyisenzakalo esabisayo, futhi saba nenhlanhla yokuphunyuka ngaphandle kokulimala njengoba sasiseduze kakhulu nokwenzekile. Kwadingeka ngigodukise ingane yami ngoba yayikhala futhi iqhaqhazela,” kusho umzali owayekhathazekile.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Frederick C. van Wyk ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya ngalesi sigameko.
“Kulandela isigameko sokubulala amaphoyisa asendaweni yesigameko enza uphenyo. Abaseshi bophiko lweProvincial Serious and Violent Crimes baqoqa ubufakazi ngemuva kwesigameko sokudubula ekuseni (ngoLwesine, 23 January 2025) esikoleni samabanga aphansi eWallacedene, eKraaifontein.
“Ngezithuba zabo-07:00, kwafika abantu ababili esangweni lesikole esikuHenzikile Street ngemoto emhlophe iMahindra. Abahlaseli abathathu abangaziwa basondele emotweni yabo bavulela ngenhlamvu kwashona owesilisa, 54, kwalimala owesifazane ophuthunyiswe esibhedlela. Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto engaziwa.
"Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi athinte umphenyi u-Detective Colonel Eddie Clark ku-082 469 1531 noma athinte iCrime Stop ku-08600 10111," kwengeza uVan Wyk.
Umthombo: https://newz4africa.blogspot.com/2025/01/a-school-principal-was-tragically-shot.html
0 Comments